Iphinde yahlabana ngezindondo i-ICC yaseThekwini

ISIKHUNGO okubanjelwa kuso imihlangano nemicimbi, iNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), esiseThekwini, siphinde saklonyeliswa ngezindondo ezimbili ezisezingeni lomhlaba.
Emcimbini obuseJamaica kuleli sonto, wokokuhlonipha izikhungo okuhlanganyelwa kuzo, i-ICC uhlonishiwe ngendondo ye-Africa’s Best Convention Centre. Akugcinanga lapho, ibuye yamenyezelwa njengeSouth Africa’s Best Convention Centre.
Sekungokwesithupha i-ICC ihlonishwa ngokuthi iyisikhungo esihamba phambili, eNingizimu Afrika. Umphathi omkhulu we-ICC, uNks Lindiwe Rakharabe, uthi impumelelo yayo ilele ezisebenzini.
“Lesi sikhungo asigcini ngokufukula umnotho weTheku, kodwa sineqhaza ekukhuleni komnotho wezwe. Uma amazwe angaphandle efuna ukuhlangana neNingizimu Afrika, abuza ukuthi imatasa kangakanani i-ICC, yaseThekwini. Siyawubonga nomphakathi esibambisana nawo,” esho.
INkosi Albert Luthuli International Convention Centre yavulwa ngokusemthethweni nguMengameli wokuqala weNingizimu Afrika yentando yeningi, uDkt Nelson Rolihlahla Mandela, ngo-1997. Lapho esakhiwe khona, kwakuyijele, elalaziwa ngokuthi yiSentela (Durban Central Prison), ngesikhathi sobandlulo. ISentela yabhidlizwa ngesikhathi sekuvulwa ijele laseWestville (Westville Correctional Centre), ngo-1986.wole imiklomelo emibili, eJamaica.
The full article is being collected. Available text is shown for now.