Back

OweChiefs uveza okubili okumele kulungiswe

I-Kaizer Chiefs ayikahlulwa kwiBetway Premiership kule sizini, kodwa iphini lomqeqeshi uDillon Sheppard uthi kukhona okusadinga ukulungiswa.

Amakhosi abambane ngo-1-1 neStellenbosch FC eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Bese kungokwesihlanu idlala ngokulingana emidlalweni eyisishiyagalombili yeligi.

USinoxolo Kwayiba ushaye igoli leStellenbosch ekuqaleni kwesiwombe sesibili, ngaphambi kokuthi uMduduzi Shabalala alinganisele iChiefs ngomzuzu ka-58.

Nokho, iChiefs ihlulekile ukusebenzisa amathuba amaningi okuthola igoli lokunqoba.

USheppard uthi kunezinkinga ezimbili ezinkulu okufanele zilungiswe: ukungawasebenzisi kahle amathuba nokudedela amagoli kalula.

“Akukhona ukuthi sesaneliswa yiphuzu. Asihlulwa imidlalo, kodwa akwanele,” kusho uSheppard.

Uphinde waveza ukuthi indlela i-Kaizer Chiefs evala ngayo emuva kwesinye isikhathi iyisithikamezo uma selizama ukufaka ingcindezi kwizimbangi.

“Ngesikhathi umdlalo uqhubeka, besifuna ukuyisa abadlali abaningi phambili,” kuqhuba uSheppard.

“Kodwa besisale nabadlali abaningi emuva. Bona babenabadlali ababili phambili, thina sinabahlanu emuva.

“Besizama ukukhuphula abadlali basemaceleni nokuthi nabanye basesiswini basize ekuhlaseleni, kodwa asikwazanga ukwenza lokho. Kumele sibuyele emuva silungise.”

USheppard uthi iChiefs iyakwazi ukufinyelela ezindaweni ezinhle zokuhlasela, kodwa iyehluleka ukuqeda umsebenzi ngokushaya amagoli.

“Siyakwazi ukufinyelela engxenyeni yokugcina yenkundla, kodwa siyehluleka ukusebenzisa amathuba. Yinto okumele sisebenze kuyo,” kusho yena.

Ugcizelele ukuthi leli qembu lenza okwanele ukuze liwine, kodwa kumele lithuthukise indlela elidedela ngayo amagoli.

“Sifuna ukunqoba imidlalo. Ngicabanga ukuthi senza okwanele ukuze sinqobe, kodwa uma ubheka uhlobo lwamagoli esiwadedelayo, kumele senze kangcono.”

FUNDA NALA | IGalaxy igcone iChiefs beqhathwa kwiCarling KO

Emdlalweni olandelayo i-Kaizer Chiefs izobhekisa amabombo eZambia, lapho izobhekana khona neRed Arrows FC ngoMgqibelo.

EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp

The post OweChiefs uveza okubili okumele kulungiswe appeared first on Lisenethini .

The full article is being collected. Available text is shown for now.

Back
Share this story

Get the daily newsletter →

Ask globalread.info

AI news & website helper
What would you like to explore?

I can find stories, explain headlines, or help you use globalread.info.

AI can make mistakes. Check the linked sources. Questions are sent to OpenAI.